"Ngifuna ukuphazamisa ukuthula kwabaMhlophe", kusho uMalema

2016-11-07 19:30

eMadadeni -  Umholi we-EFF uJulius Malema uthe yena akakusabi ukuboshwa uma ezoboshelwa ukudla umhlaba hhayi inkohlakalo.

Lo mholi usho lokhu ukuvela eNkantolo yeMantshi yaseNewcastle namhlanje ngezinsolo zokugqugquzela abalandeli bakhe ukuba badle umhlaba.

UMalema uthe abelungu sebenethezeke isikhathi eside, kanti yena uzoqinisekisa ukuthi ukuthula abakutholi, kubika i-eNCA.

OLUNYE UDABA:UMalema uzovela enkantolo ngelithinta ukudliwa komhlaba

Uthe yena ngeke alawulwe umlungu futhi kumele bazi ukuthi umbuso wabo usuyabaphelela.

"Sekuphele iminyaka engu-22 sathola umbuso wentando yabantu kodwa kuyimande abantu abamnyama basaxakekile. Angisabi ukuyobhadla ejele uma kungukuthi ngiboshelwa lolu daba lomhlaba." 

Lo mholi uqhubeke wathi umhlaba wakuleli usezandleni zeNdlovukazi yamaNgisi uQueen Elizabeth waqhubeka nokuthi uhulumeni oholwa i-ANC uyasaba ukuthi ubuyiswe.

Icala likaMalema lihlehliselwe umhlaka 7 kuDisemba, kodwa yena akudingeki ukuba abekhona enkantolo uma kungukuthi kuhakwe isicelo eNkantolo enkulu.

Ekuqaleni koNyaka uMalema watshela abalandeli bakhe kule ndawo ukuthi abelungu ngeke bathi umhlaba ungowabo ngoba ungowabantu abansundu njengoba kuyibona abayingi eNingizimu Afrika.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.