"Ngifunde kwezami ukungazidaluli ezothando emphakathini"

2016-08-10 16:05

Johannesburg - Isimomondiya sentokazi uMinnie Dlamini sihlezi sibhekene nemibuzo yabalandeli baso besibuza ngezindaba zothando , ngakho ke sesikhethe ukuba sigcine ukungazidaluli ezomjolo waso.

UMinnie ekhuluma nabephephabhuku iDrum kamuva nje, usivulele isifuba ngengcindezi abhekene nayo ngokuba ngusaziwayo wadalula ukuthi kunzima ukufihla ubudlelwano baso.

OLUNYE UDABA:Naka ezegceke lakho: Minnie Dlamini

"Akulula nhlobo, sengifundile ukuthi ngingazixoxi izindaba zami noma ngisabalalise imininingwane ngobudlelwano bami emphakathini," usho njalo etshela leli phephabhuku. 

Ubudlelwano balesi sihlabani nonozinti weBafana Bafana u-Itumeleng Khune ngubudlelwano obabusematheni kuleli, lezi zithandani zisabaklalisa ngobudlelwano bazo emphakathini.

Kodwa kubukeka sengathi uMinnie usekhulile manje kanti manje usethi uyokhuluma ngobudlelwano bakhe uma esekulungele ukushada.

"Mhla ngidalula ubudlelwano bami, yimhla sekuyisikhathi sokushada," kusho uMinnie.

Njengoba uMinie esethathe isinqumo sokungabudaluli ubudlelwano bakhe akuchazile ukuthi akajoli.

UMinnie ekhuluma noGareth Cliff kuCliffCentral ngoMayi wathi isoka lakhe ngumuntu amazi kudala.

"Umuntu obengomunye wabangani bami abakhulu kanti sebekhethe ukuba bathathe linye igxathu kubungani babo," usho njalo.

 - TMG Entetainment

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

 




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.