Ngigeza ngemuva kwezinsuku ezintathu ukonga amanzi - Zille

2017-09-21 12:30

eKapa -  UNdunankulu wase-Western Cape uHelen Zille useveze ukuthi uthatha ishawa isikhathi esifuhane ngemuva kwezinsuku ezintathu, nokuthi izinwele zakhe zigcwele amafutha kanti nemoto yakhe ingcolile.

Lokhu uZille ukuveze emyalezweni omude ezinkundleni zokuxhumana lapho abegxeka khona intatheli yephephandaba iTimesLIVE ngombiko owakhishwa ngesonto eledlule.

"Mina nomyeni siyazama ukusebenzisa amanzi amancane, kangangokuba ngiyakhathazeka ngenhlanzeko yethu nezinkinga zezempilo esingahle sibhekane nazo.

"Ngigeza ngemuva kwezinsuku ezintathu, ngezinye izinsuku ngigezela kusinki wokugeza izandla. Izinwele zami ngangizigeza nsukuzonke kodwa manje angisakwenzi lokho," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Kushone 3 wezingane ziyokha amanzi eNquthu

UZille uveze ukuthi isibalo sezakhamuzi zaseKapa ezisebenzisa amanzi kakhulu sehlile.

Umbiko ocasule uZille yilowo omayelana nesitatimende esenziwa nguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uDonald Grant ephendula imibuzo esiShayamthetho.

Lo Ngqongqoshe watshela isiShayamthetho ukuthi kusetshenziswe u-R90 000 ngamathuluzi okuhlanzisisa amanzi emzini kaNdunankulu oseLeeuwenhof.

UGrant wabuye waveza namanani okusetshenziswa kwamanzi kule ndawo ngenyanga kaJulayi no-Agasti wathi cishe bane abantu abahlala kulowa muzi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.