'Ngingamshiya uphathina wami uma ngithola ukuthi une-HIV'

2017-12-01 16:00

Johannesburg - Yize noma isiminingi imizamo eyenziwayo ukulwa negciwane lesandulela ngculazi, iningi labantu abazibandakanya ocansini bathi kunzima ukunquma ukuthi ungahlala noma ungamshiya umuntu othandana naye uma ungathola ukuthi une-HIV.

Kulabo abanquma ukushiya ophathina babo ngoba nakhu benaleli gciwane kutshengisa ukuthi nabo bamdibimunye nalabo abavalwe yinkungu yokungazi kabanzi ngaleli gciwane.

Kanti labo abaqhubekayo nokuhlala nabathandiweyo babo yize benaleli gciwane, bazwakalisa ukuthi bayayethemba imizamo kanye nokhalo oseluhanjiwe ekuzameni ukulwisana naleli gciwane.

"Mina ngingamshiya nje, ngeke ngize ngingabaze. Ngeke ngikwazi ukuthandana nomuntu ngoba nakhu ngimdabukela, ngicabanga ukuthi abantu kumele basihloniphe isinqumo sami.

"Kuhle ukuthandana nomuntu one-status esifanayo nesakho ukuze kugwemeke ukuthi kube khona umthwalo emahlombe omunye," kusho uLebohang Molefe waselokishini i-Alexandra.

Ukholelwa ekutheni usemncane ukuthi angazibophezela kuphathina oyedwa impi yakhe yonke.

OLUNYE UDABA: U-70% wabaqwayizi awuzivikeli kwi-HIV - Ucwaningo

Kanti umlingani wakhe, uMoribego Madubanya, uyaphikisana kancane nombono wakhe: "Ngicabanga ukuthi izimo ezaholela ekutheni umuntu asuleleke nge-HIV yizo ezingaba yizinkomba zokuthi siyaqhubeka nokuthandana noma cha.

"Futhi kuyasiza ukuthi siphumele obala ngesimo sethu sisaqala ukuthandana ngoba angifuni ukuzizwela sengathi kudlalwe ngami."

Omunye umuntu osemusha, uTebogo Setshedi, uthi yena wathola ukuthi une-HIV ngo-2007. Uthi ngokwakhe uzithatha njengomuntu onenhlanhla ngoba wathola umuntu omthandayo futhi ongasixwayi isimo sakhe se-HIV.

"Angikholwanga ukuthi wanquma ukuqhubeka nokuthandana nami ngemuva kokumtshela ukuthi ngine-HIV. Akulula ukuthola umuntu ongenayo i-HIV ekubeni wena unayo. Ngangicabanga ukuthi uzongishiya," esho.

Uthi yize kungekho lula ukuphumela obala usaqala ukuthandana nomuntu, kepha yena uyajabula ukuthi wathatha leso sinqumo.

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.