Ngisaphila ngenxa yomusa kaNkulunkulu - Kenny Kunene

2017-09-06 11:00

Johannesburg - “Ngisaphila ngenxa yomusa kaNkulunkulu,” kusho uKenny Kunene etshela iphephandaba i-The Star ngemuva kokudutshulwa kwemoto abehamba ngayo eGoli.

Lo somabhizinisi uthi unenhlanhla njengoba esaphila namanje kulandela isigameko sokudutshulwa esenzeke ehamba nomngani wakhe ngakuCorlett Drive eSandton ngezithuba zabo-20:00 ngoLwesibili.

Kunamahlebezi athi uKenny uKunene uhlaselwe ngoba kukholakala ukuthi ubesemotweni nomhleli wephephandaba iSunday Independent uSteven Motale okuthiwa ubethola ubesongelwa ngokubulawa.

Lokhu kulandela udaba lwamngempelasonto mayelana nezinsolo zokuphinga kwePhini likaCyril Ramaphosa.

UKunene uthi ubehamba nomngani eHoughton nokuthe uma esezojika ngakuCorlett Drive wabona ukuthi ulandelwa yimoto eyi-SUV.

“I-SUV ibe isizama ukungidlula igijima, yabe isibamba amabhuleki phambi kwami,” esho.

OLUNYE UDABA: Uphinde waboshwa osolwa ngokubulala intombi

Uthi abantu ebebephakathi bamise imoto yakhe, abanye beza.

UKunene uthi omunye wabo uhlohle isibhamu abesiphethe, wabe esedubula ebhekise emotweni yakhe.

Uthi ube esehlehlisa imoto yakhe ngesivinini, ebaleka, ngesikhathi abasolwa beqhubeka nokudubula.

UKunene uthi ugcine ekwazile ukubaleka endaweni yesigameko, waphuma engenamyocu, kodwa imoto yona ilimele.

Khonamanjalo, amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi ayaphenya ngalolu daba.

"Amaphoyisa ayaphenya ngesigameko sokudubula nangecala lokuzama ukubulala elivuliwe,” kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Mathapelo Peters.

“Bekungakaboshwa muntu okwanje."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.