Ngisho nogogo wami ubengenza kangcono - Benni

2018-02-28 09:31

Johannesburg - Umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy uthi ngisho ugogo wakhe ubengenza kangcono kulandela ukuthi ezakhe zidlale ngamathuba ngesikhathi zishaywa yiBaroka ngo-2-0 ngoLwesibili.

ICity ikwazile ukwakha amathuba kepha yahluleka ukubhakuzisa inethi ngesikhathi ihambele ePolokwane.

"Ugogo wami ubezoyibhakuzisa inethi kula mathuba amaningi esiwatholile," kusho uMcCarthy, owayeyingxenye yesikwati sikaJose Mourinho, esalolonga iPorto.

OLUNYE UDABA: Sekuyacaca ukuthi kumele ngingene enkundleni ngidlale - Benni

"Besiwuphethe umdlalo futhi sidlala ibhola eliyingcwenga, kepha sahluleka ukubona ipali.

"IBaroka ithole amathuba amabili nje vo okufaka amagoli, yawasebenzisa futhi," kusho le nkakha esahamba phambili namanje ngamagoli eyawafakela iNingizimu Afrika ngezinsuku zayo.

"Senza kahle uma sisazilolonga, kepha angazi konakalaphi uma sesifika enkundleni. Abadlali bami abanayo intshisekelo yokuvalela amagoli enetheni kanti ngeshwa-ke akekho umqeqeshi ongabafundisa lokho."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.