Ngiyamzonda uZuma nemisebenzi yakhe, kusho umdwebi

2016-07-13 20:30

Johannesburg – Umdweni u-Ayanda Mabulu, odwebe uMengameli Jacob Zuma egila imikhuba yocansi ku-Atul Gupta, uthi uzimisele ngokulwisana nalabo abeseka umengameli.

UMabulu ubekhuluma ngoLwesithathu eConsitution Hill, eGoli, lapho emidwebo yakhe itshengiswa khona, kubika iSowetan.

Lo mdwebi uthe umdwebo wakhe uzokhumbuza abantu ilungelo labo lokuthi siphila ngaphansi kwentando yeningi.

OLUNYE UDABA: Ihlazo noma uveza umbono wakhe u-Ayanda Mabulu?

“Ngiyamzonda umdlwenguli, naye umengameli ungumdlwenguli ngayo yonke indlela. Ayikho into ethandekayo ngomuntu owebela izwe futhi owenza izinto ezingcolile. Ngiyamzonda,” esho.

UMabulu akaqali ukudweba umengameli ngendlela enganambitheki, njengoba ngonyaka owedlule wamdweba esina, ngaphansi kwebheshu kuvele ubuntu bakhe.

Kuvungame izinkundla zokuxhumana ngoLwesibili kulandela ukuvela kwalo mdwebo, abanye bevumelana nawo kanti abanye bethi uMabulu akahloniphi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.