Ngiyazi uMbeki uzovotela liphi iqembu - Zuma

2016-07-29 12:11

Brits – UMengameli Jacob Zuma uthi uyazi ukuthi uThabo Mbeki uzovotela liphi iqembu, nakuba engafuni ukukhankasela i-African National Congress.

UZuma ukhulume okokuqala ngokwala kukaMbeki ukukhankasela i-ANC okhethweni oluzayo.

UMbeki nangaphambi kokhetho olwedlule akazange ayikhankasele i-ANC kodwa useke wabonakala eziteji zaleli qembu, njenganesikhathi ligubha iminyaka engu-100 lasungulwa, eBloemfontein ngo-2012.

Funda nalolu daba: Sekuze kwamfica ukufa usomatekisi obezingelwa

Ekhuluma nezintatheli eMaboloka, eBrits, ngoLwesine, uZuma uthe kuyisinqumo sakhe uMbeki njengomuntu ukungalikhankaseli iqembu.

"Ngeke ngakhuluma ngalokho [ngesinqumo sakhe uMbeki] ngoba sonke sizithathela ezethu izinqumo.

"Ngicabanga ukuthi uMbeki, usekhulumile. Usayilungu le-ANC elithembekile. Kuhle lokho, futhi ngiyazi ukuthi uzovotela liphi iqembu.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.