NGIYIMBOKODO: UMbali Nkomonde

2016-08-08 14:30

Newcastle - UMbali Nkomonde uyintokazi eseyintsha enenhlangano esiza abafundi kanye nentsha bathole ulwazi namakhono emisebenzi eyahlukahlukene ngokuhlela imicimbi lapho exhumanisa abafundi namabhizinisi kanye nezinye izinhlangano zomphakathi.

UMbali ukhulele elokishini laseDicks eNyukhasela kanti uthi ukwentuleka kwamathuba kanye nolwazi ngemisebenzi ikona okwamgqugquzela ukuba asungule le nhlangano.

“Ukukhulela emndenini omkhulu futhi kungumama kuphela ongumgogodla wekhaya yikona okwangenza ngaba nangqozi lokuba ngomholi.”

Ngaqala ukusebenza emafemini ngiqeda ukuphothula umatikuletsheni yize umama wayefisa ngifunde.

OLUNYE UDABA:Imfundo ayikhulelwa, ona-99 ungufakazi walokho

“Ngaba nenhlanhla ngathola umsebenzi ongcono nenkampani iNgcweti Projects eThekwini.”

Inhlangano yami ngayiqala ngo-2010 ngenhloso yokusiza intsha ithole ulwazi ngamathuba emisebenzi, izindlela zokubhekana nezingqinamba zempilo kanye nokuba nomuntu ozobeseka empilweni.

Sihlela izingqungquthela lapho simema khona abafundi kanye nezinhlangano namabhizinisi ahlukahlukene ukuze kusizakale izingane ngolwazi lwezobuciko, ukuhlela, ukuphatha amaphrojekthi.

Ngifuna ukubona umphakathi wangakithi uthuthuke futhi kuphele nokwentuleka kwemisebenzi kuleli.

Isifiso sami ukuxhumana nabantu abasha abaphuma emindenini ehlwempu, ukubabona bethuthuka futhi benethemba ngekusasa eliqhakazile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.