NGIYIMBOKODO: Ziqhenye muntu wesimame ube nogqozi nofuqufuqu

2016-08-02 13:30

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Sukuma sihambe dadewethu, le ndlela izoba mnandi kakhulu uma sihamba sobabili sibambisene.

Vuka uzithatha sisi wami, ungavumeli abantu bakucindezele ngezinkulumo zabo ngisho sebekuthuka bethu awuyilutho futhi awusoze waba wutho.

Abanye bathi impilo imnandi ngezitha, mina ngithi impilo imnandi uma unabantu ongathembela kubona.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Woke ukhumbule ukuyovela ekhaya sthandwa sami

AbeSuthu bathi umfazi ubamba ummese ngalapho ubukhali ngakhona, lokhu kusho ukuthi uyakwazi ukumelana nobunzima kodwa uphume phambili.

Ungavumeli izimfamona zikukhohlisi ngoba nakhu zihlezi ziveza izici zakho, izolo lakho ngeke lifane nekusasa lakho, kanjalo nempilo oyiphilayo ungakwazi ukuyiguqula ngokuzimisela kwakho.

Funda ukuzimela usemncane wedali, kubi langaphandle, ungavuma ukudlawa abafana bakuthembise izulu nomhlaba ngoba nakhu bekunika imali.

Ngibonga omama abasebenza kanzima bedayisa ukudla ema-renki nasesibhedlela, sibaningi sifundile sineziqu ngenxa yemali yomgxabhiso, imali yamawolintshi namagwinya.

Ngibonga omama abaqoqa amabhodlela namaphepha beyowakala ukuze baxoshe ikati eziko, ngisho kunzima kangakanani baningi abalala besuthi ngenxa yenu.

Ngibonge omama okuyibona abavukela emakhishini ngisho amadolo engasavumi, kodwa ngoba kumele kudliwe nezingane kumele zifunde, baqhubekela phambiki ngisho kunjalo.

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter  

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.