'Ngizokwenza engikutshelwa yi-ANC'

2018-03-07 07:32

Johannesburg – Lowo owayeyiPhini likaNgqongqoshe weziMali uMcebisi Jonas ngoLwesibili uthe usalinde umyalelo wenhlangano yakhe i-African National Congress (ANC) kulandela isiphakamiso se-Economic Freedom Fighters (EFF) sokuba athathe izintambo zokuba yimeya eNelson Mandela Bay.

"Ngiyilungu le-ANC... Ngizokwenza noma ngabe yini i-ANC engitshela yona. Okwamanje akukho esakushilo i-ANC, ngakho ngeke ngikwazi ukuphawula ngalolu daba,” kusho uJonas.

I-EFF imemezele ukuthi izofaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bemeya ye-DA u-Athol Trollip emkhandlwini waseNelson Mandela Bay ngenyanga ezayo, ngenhloso yokujezisa i-DA ngokuphikisana kwayo nesiphakamiso esafakwa ePhalamende mayelana nokuthathwa komhlaba.

OLUNYE UDABA: Kushone 7, kwalimala 4, engozini eyenzeke eKZN

Kuze kube manje, i-EFF ibilokhu ivota kanye neDA, ingafuni ukusebenzisana ne-ANC kulo masipala, nakwabanye.

Phambilini, umholi we-EFF uJulius Malema uthe uJonas "akanasici" ngemuva kokwenqaba ukwamukela imali ayegwazelwa ngayo ngumndeni wakwaGupta.

I-ANC ithe iyakwamukela okushiwo yi-EFF futhi ikulungele ukubamba izingxoxo nayo.

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.