Ngizomncenga uMalema ukuba abuyele ekhaya - Mabuza

2018-03-12 09:32

Pretoria – I-ANC ingenza kangcono uma uJulius Malema engaphakathi kunokuthi abe ngumholi weqembu eliphikisayo, kusho uSekela Mengameli wenhlangano uDavid "DD" Mabuza.

Ekhuluma nezintatheli ngesikhathi eqhuba umkhankaso weqembu wokugqugquzela abantu ukuba babhalisele ukuvota eMamelodi, eTshwane, uMabuza uthe uzokwenza konke okusemandlani akhe ukubuyisela umholi we-EFF kwi-ANC.

UMalema wakhonjwa indlela kwi-ANC ngo-2012 wabe esesungula i-Economic Freedom Fighters ngokuhamba kwesikhathi, neyathola u-6% wamavoti okhethweni lukazwelonke ngo-2014.

OLUNYE UDABA:

Iqembu lakhe lenza kahle kakhulu kwezombusazwe eNingizimu Afrika, njengokuba nesandla ekuphoqeni uJacob Zuma ukuba akhokhe ingxenye yemali eyasetshenziswa ukulungisa umuzi wakhe oseNkandla, ukunxenxa imfundo yamahhala kanye nesiphakamiso sakamuva sokuthi umhlaba ubuyele ezandleni zoMbuso.

"I-ANC yalahlekelwa kakhulu ngokuhamba kukaJulius. I-ANC ingenza kangcono uma engaphakathi kuyo uMalema, ngakho ngizokwenza konke okusemandleni ukumncenga ukuba abuyele ekhaya,” kusho uMabuza.

UMabuza uhambele izikhungo ezehlukene zokuvota, ekhuluma nalabo abebezobheka imininingwane yamakheli abo ukuthi ihamba kahle na kanjalo nalabo abebezobhalisela ukuvota okokuqala.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.