Ngizomnikeza ngoLwesihlanu incwadi uSomlomo - Supra Mahumapelo

2018-05-08 16:00

UNdunankulu waseNorth West obhekene nezinkinga, uSupra Mahumapelo, utshele isiShayamthetho sesifundazwe ukuthi uzonikeza uSomlomo incwadi ngoLwesihlanu.

UMahumapelo, obethula isabelomali sakhe ngoLwesibili, akazange acacise ukuthi le ncwadi izobe iquketheni, kepha waveza ukuthi izobe ihambisana noMthethosisekelo.

Ecaphuna umengameli ongasekho uNelson Mandela, uMahumapelo uthe: "Sesifikile isikhathi sokupholisa amanxeba. Sokuvuselela amaxhama asihlukanisayo. Isikhathi sokwakha sesifikile."

Uthe "kuyisimangaliso" ukuthi izidubedube zakamuva zivuselele umoya wokubekezela savusa nomuzwa wokugcina umzabalazo uphila.

OLUNYE UDABA: UMahumapelo ubengaqambi amanga ngetulo lokumsoconga

Ngenyanga eyedlule, uMengameli Cyril Ramaphosa wajuba ithimba longqongqoshe ukuba libhekane nezinxushunxushu ezikhona esifundazweni, ikakhulukazi emkhakheni wezempilo.

Umnqamulajuqu obekelwe leli thimba ukuba ubuye nombiko ogcwele kumengameli ngesimo sikahulumeni kulesiya sifundazwe, nguMeyi 9.

INorth West ike yabhekana noxhaxha lwemibhikisho lapho izakhamuzi bezinxenxa khona ukuthi uMahumapelo ashenxe esikhundleni.

UMnyango wezeMpilo nawo usufadalele esifundazweni kulandela ukuthi amalungu eNational Health, Education and Allied Workers Union angena esitelekeni ezinyangeni ezimbili ezedlule.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.