Ngizomubamba ngezami izandla u-Ayanda Mabulu: Edward Zuma

2016-07-15 11:30

Durban – "Uma ngike ngahlangana no-Ayanda Mabulu, ngizomubamba ngezandla zami zombili ngimklinye."

Lokhu okuzokwenziwa yindodana kamengameli uJacob Zuma ezandala, u-Edward kulo mdwebi ngokudweba esinye isithombe esihlambalaza uyise.

"Ngidinga ukubonana noMabulu ukuze ngizomubamba ngezami izandla, ngimklinye. Udinga isibhaxu esinzima," kusho uZuma.

OLUNYE UDABA: Ihlazo noma uveza umbono wakhe u-Ayanda Mabululu

Lesi sithommbe esibekwe eRuben Pasha gallery eConstitution Hill eGoli siveza uZuma  nelinye ilungu lomndeni wakwaGupta, u-Atul, emanyaleni.

Isihloko salo mdwebi - Ingwe Ayizidli ngamaBala isakhuluma iKaka okwesiHlunu seNyama (Ayityiwa iKaka nokuba ungalamba ungagabha). 

UZuma uthe uMabulu ukuhlaza akakhuliswanga kahle.

"Angeke ngize ngimuvumele lo mfana adelele ubaba kanje. Uzophatheka kanjani uma ngingase ngethuke umama wakhe? Ngoba nakhu abazali bethu bengabaholi akuchazi ukuthi abanalo uzwelo nothando. Nathi sinemizwa."

UZuma uthe uMabulu wamukelekile ukumbika emaphoyiseni ngalesi sitatimende.

"Angeke ngize ngimvumele adelele umnendi wami nobaba wami ngalolu hlobo aqede avike ngokubusa ngentando yeningi."

Njengamanje ubaba akekho uvakashele emazweni, uyosebenzela abazukulu baMabululu. Kunabaholo be-DA, i-EFF namalungu e-ANC afuna ukwehlisa isithunzi sikababa ngoba sebehlulekile ukugudluza eskhundleni," kusho uZuma.

UZuma ube esexwayisa uMabululu wathi: "Izintaba azihlangani, kodwa abantu bayahlangana, alibambe lingashoni."

UMabulu ube esebuza ukuthi kungani kuhlaselwe yena kuphela ekubeni bebabningi abantu abagxeka umengameli.

"Uma abakwaZuma bezixazulula ngodlame izinkinga, kulungile. Kodwa akusikho engakuvotela ngesikhathi ngivotela inkululeko yeNingizimu Afrika."

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.