Ngo-R14 million 'ngabe wangakhela umuzi!'

2017-09-03 11:18

Johannebsurg - Ugogo wesitshudeni saseWalter Sisulu University (WSU), uSibongile Mani, umcelele uxolo, kodwa udumele ngokuthi akazange amakhele umuzi ngale mali.

UNombulelo Mani, 67, ohlala eQueenstown, wakhulisa uSibongile, 27, esemncane kakhulu, eneminyaka engu-6 ubudala.

UMani, uthi uSibongile, ukhule eyingane emsulwa kanti izindaba zokuthi uchithe izindodla zezimali okungesiyo eyakhe zimushaqile.

USibongile, owenza unyaka wesibili ezifundweni ze-Accounting e-WSU, e-Eastern Cape, wafakelwa imali engu-R14 million ngephutha ngoJuni efakelwa ngabakwa-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) kunokuba afakelwe imali engu-R1 400 wokudla nezincwadi zesikole.

OLUNYE UDABA:Nakhu okwenziwe yisitshudeni ngo-R818K we-NSFAS

Ezinyangeni ezintathu, uSibongile wachitha imali engu-R818 000 ephila impilo yabadla izambane likaphondo, enza amaphathi, ethenga izinwele i-Peruvian, impahla yokugqoka ebizayo, izikhwama namaselula.

USibongile, ongunobhala we-Pan Africanist Student Movement of Azania ophikweni lwesikole iPotsdam, eEast London, washintsha impilo yakhe ngokuphazima kweso.

Umakhelwane kaMani e-Ilinge village, eduzane naseQueenstown, nguye owadalula lezi zindaba kugogo ngoLwesibili.

"Selokhu ngizwe lezi zindaba, angikho muhle empilweni," kusho lo gogo ekhala izinyembezi.

"Ngiphuma kwadokotela kuyimanje. Omakhelwane bebefika bezongikhulekela. Angazi ukuthi le ngane ingenwe yini. Ubuthongo angisabazi."

Ngemuva kokuthuthela e-Ilinge esuka eSpringbok, uMani waqhubeka nokunakekela uSibongile waze waqeda umatikuletsheni.

Umama kaSibongile uhlala eGeorge, eWestern Cape, lapho asebenzela khona.

Lesi saguga, sithe ngabe kungcono ukuba uSibongile uyisebenzise ngendlela efanele imali kunokuyichitha ezintweni ezingathi shu.

"Fanele engabe ungakhele umuzi kunokuthengana nezinwele nezinye izinto ezibhedayo. Ngabe siyakwazi ukuyikhomba into ayenzile ngemali. Ngasebenza iminyaka eminingi ngikhulisa le ngane kodwa manje ichitha imali kanje," usho njalo.

UMani uthe ubelokhu ezama ukushayela uSibongile ucingo kodwa luvaliwe. Abephephandaba iCity Press bazamile ukuthola uSibongile kuleli sonto kodwa behluleka ngoba ucingo lwakhe luvaliwe noma lukhala isikhathi eside lungabanjwa.

Umuzi kaMani mudala futhi ugugile. Lo muzi wakhiwe ngezitini nangothayela. Kubekwe izitini ezinkulu phezu kophahla ukuze lungapheshulwa umoya.

Lo muzi awunawo ugesi kanti futhi uMani kufanele ahambe ibanga elide eyokha amanzi empompini womphakathi.

Kodwa lo muzi akusiwo umuzi uSibongile abuyela kuwo ngamaholidi. Uhlala nomunye umndeni komunye umgwaqo khona endaweni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.