NGOSI: Ayilahlwe kude le yobuKristu ayisebenzi!

2016-11-23 16:03

Durban - Laphinde lafohla iduna leNkunz’ebomvu alihlabi liyagweba, kusho mina iNtsheb’emnandi kwabayidlayo ingqapheli ezigcobile, ngasho kudala ukuthi loJehova nethimba lakhe abayikhathalele inhlalakahle yabantu.

Kusuke ibhobhodleyana lomfana lizigcoba ukuba nguPastor qede lafutha abantu ngeDoom…bavuma nabo ngoba bekholelwa kumlingo ngoJehova!

Lezigameko zenza labo abakholwayo bathi “impela uJesu useyabuya” becaphuna nemibhalo efakazela lezigameko.

Ngokubuka kwami lento kaJehova nethimba lakhe uMoyongcwele noJesu, izingelosi kanye noSathane kuyinganekwane nje esanganisa abantu.

Kusobala ukuthi loNkulunkulu akezwa kumbe uyazibana okanye nje akekho sdalo.

Amakholwa athi uJehova usebenza ngesikhathi sakhe hhayi ngesikhathi sabantu. Okusho ukuthi kungabhubha izinkulungwane zabantu uma nje kungakafiki kuyena ukubasindisa uyazibukela nje.

Kuyanginenga ukuthi uJehova (ngokweBhayibheli) ube yisisusa sezimpi nokuchitheka kwegazi okuningi okuqoshwe eBhayibhelini kodwa akukho neyodwa ayiqedayo.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Akungadlalwa ngomfundisi we-Doom, abazalwane abangenangqondo

Isixazululo sezinkinga nezimpi zomhlaba wonke jikelele azikaze zisonjululwe nguJehova, kepha zisonjululwa ngabantu.

UJehova kusukela zibekwa eBhayibhelini wehluleka ukulungisa izinkinga ngomuntu. Zibekwa, uJehova wabona inkinga yokuqala – isizungu ku-Adam.

Ukuxazulula leyonkinga wabona kuyiqhinga elihle ukwakha uEva emakhela uAdam, kodwa uEva waphenduka enye inkinga kaAdam, odwa cha uJehova wangayilungisa leyonkinga ngenye inkinga ngokuqalekisa umhlaba wonke ngenxa yephutha lakhe.

U-Adam akacelanga kwakhelwa Eva la, uEva yisisombululo esiyinkinga esakhiwe nguJehova ukusombulula inkinga ayenze yena (isizungu ku-Adam).

Yingakho uJakobe akwazi ukweba ifa lobukhosana kanye nezibusiso ngokuchema nojehova wangabe esajeziswa ngaloko.

Wamphuza inyongo uJehova ngoba ugcina esemthela induku uJehova ukumphoqa ukuthi ambusise ngenkani…lwagoba uphondo kuJehova wambusisa ngampela!

Qhubekani ke nilandele lo-God we-Doom notshani nayo yonke lenishinishi, mhla ngafa ngofika le emaZulwini ngimthel’induku lo-God okhohlakele kanje!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.