UNgqongqoshe wanqunda amandla ebhodi leSABC - Ufakazi

2016-12-09 08:08

Cape Town – Lowo owayeyilungu sebhodi eSABC uVusi Mavuso udalule ukuthi uNgqongqoshe wezokuXhumana uFaith Muthambi wenza izinguquko emthethweni obalulekile eSABC owenza ibhodi lingabinawo amandla.

UMavuso ubethula ubufakazi ngaphambi kwekomidi lesikhashana ePhalamende elibheka ukusebenza kwebhodi leSABC ngoLwesine.

Uthe izinguquko ezenziwa uMuthambi, zenziwa ngemuva kokuba uHlaudi Motsoeneng eseqokwe ngokugcwele esikhundleni sokuba yi-COO ngoJulayi 2014.

OLUNYE UDABA: Kuphalaze abazalwane bephuziswa okuthile ngumfundisi

Uthe izinguquko zanika amandla i-CEO, CFO kanye ne-COO okuqoka amalungu ekomidi eliphezulu.

Amalungu ebhodi kwakumele nawo asayine kodwa kwasayina uMuthambi kuphela ukuqinisekisa izinguquko kulo mthetho.

"Amandla okuqoka izikhulu zekomidi eliphezulu asuswa ezandleni zebhodi kodwa abekwa ezikhulwini eziphezulu,” usho kanje etshela ikomidi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.