Nihambe niyovota ngaphambi kokukhipha ibhabhalazi - Mbete

2016-07-21 16:01

Port Elizabeth – USihlalo we-African National Congress uBaleka Mbete usenxuse abantu ukuba baqale ngokuvota bagcine ngokukhipha ibhabhalazi, ngomhlaka-3 Agasti.

Ubekhuluma nezakhamuzi zakuWard 18, eNelson Mandela Bay.

UMbete ubacele ukuthi abavoti bakhumbule ukuvotela i-ANC.

"Ngifafaza lo myalezo yonke indawo lapho ngihamba khona. Ngaphambi kokuthi niyonesa amabhabhalazi enu, hambani niyovota,” esho.

OLUNYE UDABA: I-DA ayihlukane nokweshela ngegama le-ANC

UMbete ubephelezelwa yiSekela likaNgqongqoshe wezeziMali uMcebisi Jonas neSekela leMeya yaseNelson Mandela Bay uBicks Ndoni.

"Size lapha sizonibonga futhi sinitshele ukuthi i-ANC iyanithanda, nani kumele nibuyisele lolo thando,” encenga.

Izakhamuzi zakule ndawo zitshele uMbete ngenkinga yezindlu nogesi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.