"Ningahleka niveze elomhlathi kodwa 'inkomo' yami isiluleme"

2017-01-21 13:34

Johannesburg - Owesifazane waseCaleb Motshabi eMangaung uthi akanendaba nabantu abamhlekayo, inkinga yesitho sakhe sangasese isixazululekile.

UKedibone Buffel oneminyaka engu-33 ubudala ulandelwe wudumo ngemuva kokusabalala kwevideo abonakala kuyo ebekwe isicathulo esithweni sakhe sangasese, ngesikhathi kuqhubeka inkonzo, eVictorious Faith Ministries.

UBuffel uthe akanendaba nokuthi abantu bathini ngoba umshado wakhe usuvukile.

OLUNYE UDABA: Umfundisi ukhwife "isiwasho" kwasha amakholwa

"Benginezinduna esithweni sami sangasese isikhathi eside ngingakwazi ukuzibandakanya ocansini nomyeni wami. Bengikhathazekile ngokuthi ngizolahlekelwa wumyeni wami weminyaka emibili," kusho uBuffel.

UBuffel waya kule nkonzo eyayisenkundleni yezemidlalo eDr Petrus Molemela.

"Umfundisi wacela ukukhunyulwa isicathulo sakhe, wase ecela ukuba sibekwe phezu kwesitho sami sangasese," usho njalo.

UBuffel uthe wavele wawa phansi wavuka waqonda endlini encane nomunye umuntu wesifazane, lapho afike abona khona ukuthi azisekho izinduna.

"Okubalulekile ukuthi ngiluleme kanti nomyeni wami uyindoda ejabulile.

"Izicathulo zomfundisi ngingazibhona nokuzibhona," kusho uBuffel.

Umfundisi uZenzile November utshele iDaily Sun ukuthi: "IBhayibheli lithi ngisho namaduku omjuluko namaphinifa asedlule kuye aphilisa abagulayo."

Umfundisi uNovember uthe isicathulo sakhe sasindisa isitho sangasese sowesifazane ngaphandle kokumthinta ngezandla zakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.