Ningangihambeli phambili, kusho uRamaphosa etshela amaqembu aphikisayo ngolweKhabhinethi

2018-02-20 19:38

Cape Town - UMengameli Cyril Ramaphosa uzishaye indiva izimfuno zamaqembu aphikisayo zokuthi enze izinguquko kwiKhabhinethi, wathi isimemezelo sizokwenziwa nguye "ngesikhathi esifanele".

URamaphosa ubephendula kulandela inkulumompikiswano ePhalamende ngoLwesibili kulandela ukwethula inkulumo ebhekiswe esizweni.

Izimpendulo zakhe zize ngemuva kwenkulumompikiswano edonse amahora ayishumi ngoMsombuluko.

Ngesikhathi sekufika isikhathi sokuba aphendule umbuzo ovamile ePhalamende - wokuthi aqoke iKhabhinethi elisha - uRamaphosa ugxeke kakhulu amaqembu aphikisayo "ngokuhlasela" ongqongqoshe.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Nge-Speech esisodwa nje kanye nama-jog ambalwa uRamaphosa useyintandokazi?

"Akukhathaleki ukuthi unamuphi umbono ngamalungu eKhabhinethi, lokho akusho ukuthi kumele kudelelwe ongqongqohe baze bathukwe, njengoba kwenzekile nje," kusho uRamaphosa.

Amalungu e-African National Congress ashaye ihlombe ngesikhathi esho kanje. UNgqongqoshe wezeNhlalakahle uBathabile Dlamini uphakamise ikhanda walalela kahle ngesikhathi uMengameli ethinta lolu daba.

Amaqembu aphikisayo awafihli ukuthi afuna uRamaphosa enze izinguquko kwiKhabhinethi aphinde afake amasondo abanye ongqongqoshe - ikakhulukazi labo abayamaniswa nomndeni wakwaGupta.

"Ngodaba lweKhabhinethi, isimemezelo siyokwenziwa ngumengameli ngesikhathi esifanele," kusho uRamaphosa.

Usho lokhu kwabe sekuzwakala ukuvungama kuqhamuka emabhentshini amaqembu aphikisayo.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.