Ningavumi ukufa niphethe izibhamu, kutshelwa amaphoyisa

2017-12-22 19:27

Pretoria – UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Khehla Sitole utshele amaphoyisa amasha angu-3 499 ukuthi kumele ahloniphe umthetho uma enza umsebenzi wokulwa nobugebenu waphinde wawakhumbuza nokuthi azisebenzise izikhali nezinsiza anikwe zona.

"Ngiyanicela ningakuvumeli ukufa niphethe izibhamu," esho.

Njengoba la maphoyisa asanda kugogoda ezotshalwa kuzona zonke izingxenye zezwe kulesi sikhathi samaholidi, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula uwakhumbuze ukuthi kuzokwenzakalni kuwona uma ekhetha ukwenza ubugebengu esikhundleni sokulwisana nabo.

Ngesikhathi kunomviliyelo ePitoli ngoLwesihlanu, uMbalula uthe inkohlakalo nokungathembeki kuthunaza isithunzi seSouth African Police Service. 

OLUNYE UDABA: UCele wathi 'akudutshulwe kubulawe' - Umbiko

"Amaphoyisa amaningi alahlekelwa yimisebenzi, aboshwe noma abe nama-criminal record ngenxa yokuvumela ukubuswa nguSathane nomhobholo," kusho uMbalula.

Uthe umbutho uphume inqina uthungatha abafanelwe ukuba ngamaphoyisa, baqeqeshwa okunguhlelo olukhiqize amaphoyisa esifazane angu-936 nawesilisa angu-2 563 ajoyine lo mbutho.

Ukuqeqeshwa kwamaphoyisa kubandakanya isigaba sokufundiswa ngomsebenzi ngaphambi kokuyiswa emakolishi ehlukene lapho abaqokiwe behlala khona izinyanga ezingu-8 beqeqeshelwa lo msebenzi. Ngemuva kwalokho abaphumele bagogoda njengoConstable.

La maphoyisa azotshalwa eziteshini zamaphoyisa ezihlukene kulona lonke leli lapho ezosebenza khona izinyanga ezingu-12 besengaphansi kwe-probation.

newly deployed police constables


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.