Ningawavoteli amaqembu angeke anisize ngalutho – Zuma

2016-07-29 17:31

Brits – UMengameli Jacob Zuma usexwayise izakhamuzi zaseNorth West ngesikhathi ekhankasa wathi zingawavoteli amaqembu amancane “angeke enze lutho” ngamavoti azo.

"Baningi abantu abahambe begaya ivoti,” kusho uZuma etshela isixuku sabantu ngesikhathi ekhankasa eMaboloka, ngaseBrits ngoLwesine ekuseni.

Utshele izakhamuzi ukuthi la maqembu ngeke akwazi ukubenzela lutho ngoba awekho emandleni.

UZuma ubephelezelwa uNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo nabanye abaholi beqembu esifundazweni.

OLUNYE UDABA: Votelani i-ANC, nenzele uMandela - Zuma

UZuma unqume ukuya eMaboloka ngomzuzu wokugcina, njengoba empeleni ubeyokhankasa eMarikana kepha wafika kuthiwa i-Economic Freedom Fighters ithe chithi saka khona igaya ivoti.

"Iqembu elibusayo kuleli yi-ANC, futhi yilona qembu elinomlando wokukhulula izwe. Sithi votelani i-ANC, ningalenzi iphutha, ukuze nibone ushintsho,” kusho uZuma kwalandela inhlokomo.

UZuma uphinde waxwayisa ngokuthi abantu bangalenzi iphutha bavotele amaqembu anegama elithi alifane nele-ANC.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.