'Nize ningayidubi i-ANC', kusho indodana kaZuma

2018-02-15 19:34

Johannesburg - Indodana yalowo obengumengameli wezwe uJacob Zuma, u-Edward, unxuse amalungu e-African National Congress ukuba atshengise ukuzithiba kulandela ukwesula kukababa wakhe esikhundleni.

"Sesizwe kaningi abantu bethi kulandela ukusula kuka-JG Zuma esikhundleni, kumele labo abangahambisani nokuketulwa kukaZuma badube ukhetho luka-2019.

"Siphinde sezwa nomoya othi amalungu angagculisekile kwinhlangano kumele ahlubuke ajoyine amanye amaqembu ezombusazwe. Siyacela ukuthi abantu bazibambe," kusho inkosana yakwaZuma.

U-Edward ukhiphe isitatimende wathi i-ANC iseyikhaya labo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: Imibono eyahlukene kuTwitter ngokwesula kukaZuma

Ugcizelele ngokuthi yena nomndeni wakhe bazomeseka umengameli omusha, uCyril Ramaphosa.

"Sinxusa namalungu e-ANC ukuba eseke ubuholi njengoba silungiselela inkulumo ebhekiswe esizweni, iState of the Nation Address, lapho kuzobe kwethulwa khona izinhlelo zikahulumeni oholwa yi-ANC."

Uthe yize kunezingqinamba mayelana nendlela amandla anikezelwe ngayo, amalungu kaKhongolose kumele aqikelele ekutheni ubumbano alupheli.

"Kumele sibumbane siqinisekise ukuthi sibuyisela i-ANC endaweni efanele ngenxa yokuthi umphakathi uthembe thina," esho.

Uphinde wagcizelela ekutheni umndeni wakwaZuma, okubalwa nobaba wakhe, bazomeseka uRamaphosa ukuba aholele inhlangano ekutheni inqobe ukhetho luka-2019.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.