Noma bangaqamba ithoyilethi ngoZuma, sizolibhidliza – EFF

2017-06-26 12:30

Johannesburg – Isiya ngasekupheleni indlu yamagugu yokuhlonipha uMengameli Jacob Zuma eNorth West nokuyinto okulindeleke ukuthi isuse omunye umsindo njengoba kulokhu kuqhubeke njalo ukugxekwa kwakhe emphakathini, kubika iCity Press.

NgoMashi, uhulumeni wesifundazwe wamisa izinhlelo lapho kwakuzosetshenziswa khona izigidi zamarandi ukwakha isichuse sikaMengameli Zuma ngemuva komsindo owasuka ngokwakhiwa kwaso.

Kwabe sekuthathwa isinqumo sokuthi okungenani kwakhiwe indlu yamagugu endaweni efanayo ku-N14 eGroot Marico, ngaseZeerust. Lana yilapho uZuma aboshelwa khona eminyakeni engu-54 eyedlule ngesikhathi ezama ukubaleka kwelakuleli elibangise eBotswana, kanye nabanye abangu-45.

Ngesikhathi kumenyezelwa izinhlelo zokwakha lesi sichuse ngaphambilini kulo nyaka, zase zibheke emaphethelweni izinhlelo zokwakhiwa kwesichuse seqhawe lomzabalazo elingasakho emhlabeni, uJB Marks, nesadla lesi sifundazwe imali elinganiselwa ku-R4 million. Nokho akukho ukugxekwa noma ukungahambisani naso okwezwakala.

Ngaphezu kwalokho, uhulumeni wakulesi sifundazwe ukhangise ngethenda yokwakha isichuse seqhawe lomzabalazo, uMoses Kotane, nokuyinto engazange igxekwe.

OLUNYE UDABA: Ukwehla kukaZuma esikhundleni ngeke kuxazulule zonke izinkinga - Mantashe

Kodwa-ke ngakolunye uhlangothi usuphinde waqala phansi umsindo ngokwakhiwa kwesichuse sikaMengameli Zuma ngemuva kokubonakala kwabantu abakhayo bematasa endaweni yendlu yamagugu.

I-EFF eNorth West isifunge yagomela ukuthi angeke nje igcine ngokuphonsela inselelo ePhalamende ukwakhiwa kwesichuse sikaMengameli, kodwa izosibhidliza uma sesiqediwe ukwakhiwa.

Nangaphambilini leli qembu lasabisa ngokucekela phansi isichuse sikaZuma uma nje sike saqedwa ukwakhiwa. ILungu le-EFF esiShayamthetho sesifundazwe, u-Alfred Motsi, uthe abanankinga nokwakhiwa kwesichuse sikaMarks noma uKotane kodwa abasoze bakwamukela ukwakhiwa kwesichuse sikaZuma.

“Asizange sikhononde futhi savuma ukuthi amaqhawe amabili kumele ahlonishwe ngeqhaza lawo ekulweleni inkululeko esiyithokozelayo namhlanje. Into ukuthi labo bobabili babengakhohlakele,” usho kanje.

“Ngisho noma bangazama ukuqamba itholiyethi ngoZuma sizolibhidliza lelo thoyilethi. Kade saphikisana nezinhlelo zokuhlonipha uZuma eNorth West; basihoxisa isichuse kanti manje sebakha indlu yamagugu esizoyibhidliza.”

UJoe McGluwa weDA kulesi sifundazwe, uthi ukwakhiwa kwale ndlu yamagugu kuyafana nje “nokubungaza inkohlakalo kanye nokungabikhona kwemisebenzi ngoba yiwona magalelo kaZuma lawo”. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.