Obegwetshwa uyalelwe ukuthi angazibandakanyi ocansini engakashadelwa

2017-02-06 16:00

Twin Falls, Idaho  - IJaji lase-Idaho liyalele indoda eneminyaka engu-19 ubudala ukuba ingaphinde izibandakanye ocansini ngaphambi kokuba ishade njengengxenye yesigwebo sayo ecaleni lokudlwengula intombazane, 14.

IJaji uRandy Stoker ligwebe uCody Scott Herrera waseTwin Falls iminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-15 ebhadle ejele kodwa lamulengiselwa owodwa wokuba ahambe uhlelo lokuhlunyuleliswa isimilo.

OLUNYE UDABA: Kuyanda ukudlwengulwa kwezalukazi

Uma uHerrera ephothula lolu hlelo uzodedelwa ngokuziphatha kahle kodwa kudingeka ukuba alugweme ucansi aze ashadelwe.

UHerrera ugixabezwe ngalesi sigwebo eNkantolo yesiFunda.

UStoker uthe umgomo wokudedelwa kwakhe uyadingeka ngoba uHerrera utshele abaphenyi ukuthi useke wazibandakanya ocansini nophathina abangu-34.

"Uma ugwetshwe ngalesi sigwebo, uzibandakanye ocansini nenkosikazi yakho kuphela uma usushadelwe, uma ungashadelwe ungalinge uzibandakanye ocansini," kusho uStoker etshela uHerrera.

UHerrera walivuma ngoMashi icala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-14 Ubudala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.