Obehanjiselwa amaphilisi esitokisini uhlasele wabulala iphoyisa

2017-09-03 08:33

Mbombela – Kushaywe kwabulawa iphoyisa esiteshini samaphoyisa aKwaMhlanga, eMpumalanga kanti kusolwa ukuthi libulawe isiboshwa ngesikhathi lilihambisela imishanguzo yaso esitokisini.

Leli phoyisa lesifazane lihlaselwe yisiboshwa ngoMgqibelo ntambama ngesikhathi liqhuba umsebenzi walo khona ngaphkathi esiteshini.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uBrigadier Leonard Hlathi, uthe umufi ungene esitokisini eyovusa isiboshwa ukuze sizophuza imishanguzo yaso. Isiboshwa, okusolwa ukuthi asiphilile kahle ngokwengqondo, asizange sisabele kodwa saphenduka sahlasela iphoyisa.

Umsolwa ugxumele iphoyisa ekhanda walidonsa izinwele, walingqubuza ngekhanda odongeni ephindelela waliluma nasemqaleni," kusho uHlathi.

OLUNYE UDABA:Kubulawe iphoyisa lase-KZN ngomkhonto

"Ozakwabo kamufi bazamile ukusiza kodwa ngeshwa umufi ubesevele elimele kanzima. Isisulu sikwazile ukuphuma, sahamba saze sayofika ekhishini, okuyilapho esifike sawa khona phansi."

Kubizelwe i-ambulensi esiteshini, leli phoyisa lahlonzwa ngabosizo lokuqala njengoshonile khona endaweni yesigameko.

Ngokusho kwamaphoyisa, umsolwa useke waboshwa kaningi ngaphambili ngamacala okubalwa kuwo, ukushaya iphoyisa nokucekela phansi impahla.

"Kuphinde kwavela nokuthi, yena lo msolwa useke wahlasela iphoyisa ngesikhathi libopha umfowabo ngelokushaya kubo kamsolwa."

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaKwaMhlanga ngomhlaka-31 Agasti 2017 ngamacala amabili okucekela phansi impahla, ukushaya, ukuphambana nengalo yomthetho kanye nelokunqaba ukuboshwa. Icala lahlehliswa.

UHlathi, uthe umsolwa usezobhekana nelinye icala lokubulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.