Obekhulelwe ushone kanye nengane ezwa ngokudutshulwa kwesoka

2017-02-07 18:01

Durban - Owesifazane obekhulelewe sekusele kancane abelethe, uquleke washona ezwa kuthiwa isoka lakhe lidutshulwe lalimala esehlakalweni esihlobene nezidakamizwa.

UZinhle Nxele, 27, uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuquleka, nokuyilapho efike washonela khona kanye nengane yakhe ebingakazalwa.

UNxele ubesendlini kadadewabo wesoka lakhe ngesikhathi kufika umngani nezindaba ezingezinhle ngesehlakalo sokudubulana.

Isoka likaZinhle, uMazwi Malinga, 32, ubengomunye wabantu abadutshuliwe.

Udadewabo kaMazwi, uLindiwe Malinga, 23, uthe uZinhle zimthusile lezi zindaba wavele waquleka.

“Uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho efike washonela khona ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uLindiwe.

ULindiwe uthe uzwe kuthiwa uMalinga ubenabangani bakhe emjondolo kaPhilani Mkhungo, 33, kwa-K eMlazi ngesikhathi behlaselwa ngoshayasibhamu abathathu.

UMazwi noPhilani bashone ngeSonto kanti abanye abangani abahlanu basesimeni esibucayi esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe elomnikazi weloli elabulala 24 ePinetown

UPhilani ushonele endaweni yesehlakalo kanti uMazwi yena ushonele ePrince Mshiyeni Memorial Hospital eMlazi, nokuyilapho uZinhle eshonele khona naye kanye nengane yakhe ebingakazalwa.

UJimmy Khumalo, Mhlonipheni Mkhungo, Sandile Mhlongo, Sibongiseni Xaba, kanye noSihle Cele, abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-30 ubudala basesibhedlela. 

Kuthiwa amaphoyisa athole izidakamizwa zohlobo lwe-mandrax endaweni yesehlakalo.

Umthombo uthe uPhilani bekwaziwa ukuthi ushushumbisa izidakamizwa.

Umfowabo kaZinhle, uSibongiseni Memela, 41, uthe okuthuse kakhulu uZinhle ukuthi usezosala nezingane ezimbili okumele azinakekele yedwa.

Okhulumela amaphoyisa aseKZN uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala kanye namahlanu okuzama ukubulala esiteshini saseBhekithemba eMlazi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.