Obekhwabanisa amakhadi eTrichardt Toll Plaza usegwetshiwe

2018-04-13 14:00

eMpumalanga -  Ugwetshiwe owesilisa olahlwe yicala lokukhwabanisa amakhadi abashayeli eTrichardt Toll Plaza eMpumalanga

INkantolo yesiFunda e-Evander Regional ngoLwesibila igwebe uGegama Simon Mahlangu, 25, iminyaka emine ngamacala ahlukahlukene okukhwabanisa, kusho oKlebe ngoLwesihlanu.

Lo mlisa kuthiwa wayesebenzisa umshini ongekho emthethweni ukuqola abashayeli imali elinganiselwa ku-R40 000.

OLUNYE UDABA: Sishayelwe ihlombe isigwebo esiqinile esinikwe umama owavikela umdlwenguli

"Kuthiwa ngo-2017, uMahlangu ubesebenza e-toll eshaya umshini nokuyilapho abekhwabanisa khona amakhadi abashayeli abakhokhela ukudlula kule ndawo,"kusho uKaputeni Dineo Lucy Sekgotodi okhulumela oKlebe.

"Ngokuhamba kwesikhathi kwaba nezikhalazo ezivela emabhange mayelana nemali elahleka emabhange amakilayenti ngendlela engaqondakali.

UMahlangu ubebhekene namacala angu-124 okukhwabanisa ngokuqoqa imininingwane yabantu ngamakhadi abo ahlukahlukene.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.