Obengumqeqeshi wePirates usekudalulile okumenze washiya

2017-08-11 16:03

Cape Town – Lowo obengumqeqeshi we-Orlando Pirates osanda kusula, uKjell Jonevret , uthi wanquma ukuthi avele asule kule kilabhu ngenxa yokuthi wayengakwazi ukuba nezwi ezinqumweni ezithathwayo.

Lo mqeqeshi ongowokudabuka eSweden uhlale isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha kwi-Pirates nalapho ahola khona leli qembu kowamanqamu emqhudelwaneni weNedbank Cup nokuyilapho lezi zinkunzi zaseSoweto zashaywa khona iSuperSport United, kodwa wahluleka wancama ukusiza leli qembu ebe-lidonsa ngodizili ukuba liqede liyingxenye yamaqembu angu-8 aphezulu kwi-log yePSL.

OLUNYE  UDABA: IPirates isayinise obeyisekela likaPitso Mosimane

Kubukeka sengathi lo mqeqeshi oneminyaka engu-55 ubudala ubangenalo nhlobo izwi ngokusayinwa kwabadlali abasha kuMabhakabhaka.

Ngemuva kokusula kwakhe kulandela ukuthelwa induku izimbangi iKaizer Chiefs emqhudelwaneni weCarling Black Label, indawo yakhe ibe isithathwa ngu-Milutin Sredojevich.

Ekhuluma nesiteshi sikamabonakude saseSweden, uJonevret uthe, “Izimo zokusebenza zikhethekile kakhulu ekilabhini. Awubandakanyeki ngokuphelele futhi lokho kuyanengana. Ukuxhumana bekungekuhle kahle futhi bekunzima ukwenza izwi lami lizwakale. Ikilabhu enkulu [enabantu] abaningi kakhulu abafuna ukubandakanyeka futhi bathathe izinqumo.

“Umunxa wepolitiki usezingeni eliphezulu kakhulu ekilabhini. Kodwa ayikho nhlobo imizwa emibi. Mina nekilabhu sahlukana njengabangani.Manje isikhathi sokuthi ngiqhubekele phambili. Ngisakholwa ukuthi ngenza umsebenzi omuhle ngaphansi kwezimo ezinzima.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
 

10 tips on exercising your dog

Has your dog been getting unusually rotund? And has the dog been getting quite rough with other dogs? Exercise could help to solve these problems.

 

Paws

Our top picks for doggo post of the week
Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.