Obeqeqesha iNigeria uthi ufake isicelo sokuqeqesha iPirates

2017-02-06 14:37

Cape Town – Lowo obengumqeqeshi weqembu lesizwe laseNigeria, uSamson Siasia, uthi usifakile isicelo somsebenzi wokuqeqesha elinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika, i-Orlando Pirates.

USiasia usebe nezikhawu ezimbalwa eqeqesha iqembu elikhulu lesizwe eNigeria okubalwa nokwakamuva ngonyaka ka-2016, waphinde waqeqesha neqembu labadlali abaneminyaka engaphansi kwengu-23 emidlalweni yama-Olympic, eBrazil ngonyaka owedlule, nalapho baqeda khona besendaweni yesithathu.

OLUNYE UDABA:Khoza: Akulula ukuthola umqeqeshi

Njengoba esehlale engenaqembu kusukela kwaphela ama-Olympics ngo-Agasti wangonyaka owedlule, manje uSiasia usengakwazi ukuthatha umsebenzi omusha kanti ngokwe-website, i-AfricaFootball, usevele useyithumelile i-cv yakhe kumaBhakabhaka.

“Siyakhuluma, besilokhu sisezingxoxweni emasontweni amabili adlule futhi sengivele ngibathumelile ulwazi ngesipiliyoni kanye neziqu zami,” kusho lo mqeqeshi owayengumgadli wamaSuper Eagles.

“Ummeli wami uzongithinta uma kukhona okuqhamukayo. Sekuyisikhathi sokuthi ngithole omunye umsebenzi.”

U-Augusto Palacios uyena obelokhu ebambe njengomqeqeshi kumaBhakabhaka kusukela kwahamba isigubhukane owayengumqeqeshi, uMushin Ertugral, ngoNovemba wangonyaka ka-2016.

IPirates izotholana phezulu nePlatinum Stars ngoLwesithathu emdlalweni we-Absa Premiership.

Umdlalo uzoqala ngo-19:30.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.