Obesengozini ngenxa yophuzo oludakayo umangalele ithaveni ngokumdayisela utshwala

2016-07-06 10:01

Dallas - Umshayeli obecwile ezinkambini zikaFaro ulimale kanzima kulandela ingozi wavulela ithaveni abephuza kuyo icala ngokuqhubeka nokumdayisela utshwala ekubeni esephuze ngokweqile, kusho inkantolo yaseTexas.

UGordon Savage waseDallas uthi ithaveni W.W. Fairfield uyisola ngelobudedengu.

OLUNYE UDABA: Ushumpulwe isandla obegqekeza

USavage uthe ufuna le thaveni ikhokhele izidingo zesibhedlela, izinhlungu nokuhlukumezeka. USavage uphinde watshela inkantolo ukuthi waqala ukuphuza ngezithuba zabo-18:00 kule thaveni ekuNorth Plano Road.

Abasebenzi bakule thaveni babelokhu beqhubeka bemnika utshwala kwaze kwashaya izithuba zabo-02:00 ekuseni. USavage wabe esezama ukuzishayelela esegoduka ngezithuba zabo-03:00 ekuseni kuNorth Central Expressway.

USavage wangeniswa esibhedlela iTaxes Health Predbyterian la alashelwa khona wase ephuma. USavage akazange athweswe icala lokushayela ngaphansi kwengcindezi katshwala.

USavage uthe abasebenzi bakule thaveni bekumele bayeke ukumdayisela utshwala ngesikhathi beumbona ukuthi usephuze kakhulu njengokusho komthetho, kubika iWorldwierdNews.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.