Obethumbe indodakazi ucabange ngokuyishintsha inabukeni wayibuyisela

2016-08-05 11:34

New York - Iphinde yacabangisisa indoda ngokuthumba indodakazi yayo ngemuva kokubona ukuthi kuzofanele ayishintshe inabukeni, kushoamaphouisa aseNew York.

Umnyango wamaphoyisa eNew York uthe ubophe indoda eneminyaka engu-39 ubudala uLeonel Moronta waseBrooklyn ngemuva kwezinsolo zokudlwengula owayeyintombi nokuthumba indodakazi yakhe eneminyaka emibili ubudala.

OLUNYE UDABA: Umdlwenguli ugweme ukuboshwa ngokushada isisulu

UMoronta ubhekene necala lokudlwengula nelokuthumba kanti ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuzama ukuzibulala esesitokisini ezilengisa ngebhulukwe.

Ngokusho kophenyo lwamaphoyisa uMoronta wagqekeza emzini kawoyo owayeyintombi ngoMsombuluko ngezithuba zabo-07:30 ekuseni. Wadlwengula umam wendodakazi yakhje wase ebaleka nengane ngemuva kwesigameko.

Ngemuva kwamahora ambalwa uMoronta washayela ucingo umama wengane emsabisa ngokuzibulala yena nendodakazi. Amaphoisa abe eseqala ukukhuluma nale ndoda ocingweni akhuluma naye ngokunakekela ingane.

Ngesikhathi amaphoyisa esethi azomshintshela inabukeni enganeni uMoronta wavuma ukuhlangana namaphoyisa wawanika ingane. UMoronta ube esezinikela emaphoyisa aseBrooklyn-Queens Expressway eduzane naseBedford and Wythe Avenues, kubika iwwww.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.