ObeyiNhloko yomnyango wezeMpilo usesulile esikhundleni sakhe

2018-01-16 14:02

Johannesburg – UDkt Barney Selebano, obemisiwe esikhundleni sakhe sokuba yiNhloko yomnyango wezeMpilo eGauteng usesulile esikhundleni sakhe.

Lokhu kuqinisekiswe yilokho okhulumela lo mnyango uLesemang Matuka etshela abeNews24 ngoLwesibili ukuthi uSelebano useyifakile incwadi yakhe yokusula esikhundleni sakhe.

"UDkt T.E. (Barney) Selebano usule esikhundleni sakhe nomhlaka 15 Januwari 2018,"kusho uMatuka.

OLUNYE UDABA: Inhlekelele yaseLife Esidimeni sekuyibhola lepolitiki ku-EFF, kusho i-ANC

Isikhulu esisebenzela lo mnyango sitshele abeNews24 ukuthi njengoba zonke izinhloko zeminyango kahulumeni kulesi sifundazwe ziqashwa nguNdunankulu uDavid Makhura, usazoyifundisisa kahle incwadi kaSelebano yokusula esikhundleni sakhe.

USelebano wamiswa emsebenzini ngoFebhruwari wangonyaka odlule ngemuva kwesigameko sokushona kweziguli ezasuswa eLife Esidimeni.

Lo dokotela ungomunye owanikeza ngobufakazi kukhomishana obephenya ngalesi sigameko, nokuyilapho axolisa khona kakhulu emindenini yeziguli ezashona ngakho konke okwenzeka.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.