Obeyobeletha ugingqike ne-ambulensi washona

2016-11-17 12:30

Durban - Kuduma amakhanda emndenini wakwaZwane eNhlanguzi reDumbe, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngenxa yokushona kwendodakazi yawo eginqike ne-ambulensi iyiphuthumisa esibhedlela iyobeletha.

ILANGA lithole ukuthi uNkz Lungisil;e Zwane, 24, ufonele i-ambulensi phakathi kwamabili ngoMsombuluko exinwe yizinhlungu zokusikwa. Kuthiwa uphume ekhaya ezihambela kahle yize bezimbambile izinhlungu.

ILANGA lithole ukuthi umshayeli uphazanyiswe yizingodo emgwaqweni njengoba izulu belina, umgwaqo ushibilika kanti imoto izophaphalaza qede yalala amankeyane. Umshayeli nomsizi wakhe balimalekanzima, uNkz Zwane washonela khona lapho.

Kubikwa ukuthi umsizi womshayeli igama lakhe elingakatholakalanga ubehleli ngemuva noNkz Zwane emxilonga. Uninalume kaNkz Zwane uMnu M,bongeni Vundla, utshele iLANGA ukuthi bethukile ngento eyehlele umshana wakhe.

"Usuku lonke lwangoMsombuluko ubeziphilela kahle ekhaya kungekho lutho olusolisayo ukuthi sekufike isikhathi sokuba abelethe, yize besazi ukuthi sekuyinyanga yakhe.

Ukhale  ngezinhlungu ebusuku kwasicacela ukuthi ngeke sisakwazi ukulinda ukuba kuse. Sifonele i-ambulensi ukuba imphuthumise esibhedlela sinethemba lokuthi uzobuya esephethe umuntu omusha," kusho uMnu Vundla.

Uthi akuphelanga sikahthi esingakanani umshana wakhe  ephumile ekhaya bathola umbiko wokuthi sekwenzeke umonakalo ofana nalo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLt-Colonel Thulani Zwane uyiqinisekisile ingozi eyenzekile. Uthi kuvulwe icalamlokubulala ngokungenhloso, amaphoyisa asaphenya. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.