Obezenza ummeli uboshwe esewinise inqwaba yabantu amacala

2017-01-19 11:31

Lagos – Owesilisa waseNigeria kubikwa ukuthi uboshiwe ngemuva kokusebenza iminyaka eyishumi njengommeli, esebenzisa iziqu zomunye umuntu.

Ngokombiko weGhana web, uPeter Adogun, waqala ukusebenza ngo-2007 ngemuva kokweba iziqu zommeli wase-Abuja, u-Inufin David Taiwo.

Nakuba akokotela iziqulu, sekukaningi u-Adogun emela abantu baphambi kweNkantolo eNkulu futhi ewanqoba amacala.

OLUNYE UDABA: Ingane ishe yashona iphoqwa ukuba igqume

Lo msolwa uboshwe ngemuva kokuba umeluleki wezomthetho weNigerian Bar Association, u-Oyetunji Ojuokaiye, ecele amaphoyisa ukuba enze uphenyo.

Umshushi uNasir Yusuf uthe umsolwa uthweswe icala lokweba isitifiketi nokuzenza omunye umuntu.

Akukhona okokuqala kwenzeka okufana nalokhu eNigeria, njengoba kuthiwa ezinyangeni eziyisithupha ezedlule kuboshwe omunye futhi obesesebenze iminyaka engu-20 njengommeli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.