Odilikajele abathathu kowadlwengula 3 wezingane e-KZN

2017-08-29 16:03

Pietermaritzburg – Umdlwenguli waKwaZulu-Natal ugwetshwe odilikajele abathathu ngokudlwengula izingane ezintathu kwaDambuza, eMgungundlovu, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Owesilisa oneminyaka engu-49 ubudala wadlwengula izingane ezintathu – ezineminyaka emithathu kuya kwengu-9 ubudala – ngasekuqaleni konyaka, ngesikhathi ziphuma esikoleni zilibhekise ekhaya, kusho uCaptain Nqobile Gwala.

"Wathembisa ukuzipha into ezizoyidla. Ngesikhathi zingena endlini, wavala umnyango, wabe esezidlwengula zontathu. Nakuba zazikhala zifuna usizo, akazange ayeke ukuzidlwengula, waphinde wazisabisa ngokuzibulala uma zingabika ngesigameko,” kusho uGwala.

OLUNYE UDABA: Useshonile ochaphazeleke kudubulana amaphoyisa nezigebengu

Izisulu zabikela umalume wazo, owazihambisa ngokushesha emaphoyiseni asePlessislaer, nokuyilapho kwavulwa khona amacala amathathu okudlwengula.

Icala ladluliselwa ngaphansi kophiko lweFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences ePlessislaer (FCS) ukuba lwenze uphenyo, kuqhuba uGwala.

Uphenyo olunzulu lwaholela ekuboshweni komsolwa wabhekana namacala.

Ubelokhu egcinwe esitokisiki kwaze kwaba ulahlwa yicala ngo-Agasti 25. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.