Odokotela bangenele umbhikisho bekhala ngokubanjwa kwenkunzi ema-Surgery

2017-10-31 12:31

Port Elizabeth – Balinganiselwa kwabangu-80 odokotela abangenele umbhikisho ePort Elizabeth ngoMsombuluko befuna amaphoyisa athathe izinyathelo ngokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe lapho besebenzela khona.

Odokotela bathi nakuba izigameko zokubanjwa kwenkunzi ziqoshwa ngamakhamera, izigebengu kaziboshwa, kubika umbiko weGroundUp.

Ezinye zezingqwembe ebebeziphethe bezifundeka kanje: "Amaphoyisa kumele asebenzele odokotela nemiphakathi” noluthi, "Angu-20 amacala asebikiwe, akukaboshwa muntu. Sifuna izimpendulo."

Odokotela bajoyinwe yidlanzana leziguli zabo kanye namalungu omphakathi, abecula izingoma zomzabalazo.

Odokotela, ebebehamba ngezimoto belandelana, basuke eNjoli Square eZwide bayaKwaZakhele, basuka lapho baya esiteshini samaphoyisa eMotherwell.

OLUNYE UDABA: Kubulawe 'umlimi' eKZN

Bebeholwa yi-Bhayi General Practitioners, okuyinhlangano emele odokotela emalokishini, ezindaweni ezisenyakatho kanye nase-Algoa Park.

Omunye wabahleli bombhikisho uMthembeni Tebelele uthe liyenyuka izinga nokubanjwa kwenkunzi lapho besebenzela khona.

Uthe zintathu izindawo zodokotela esezivaliwe ngenxa yalezi zigameko kanti zingu-10 izisulu ezihlaselwe ngenyanga kaSepthemba nje kuphela.

Odokotela bathi bafuna uhlelo lokunqanda ubugebengu, nokubona amaphoyisa endaweni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.