Odokotela bayalele uDr Malinga ukuba aphumule

2017-02-10 14:01

Johannesburg - Sesiphumile esibhedlela isihlabani somculo we-House, i-Afropop neJazz, uDr Mlinga.

Lo mbhali wamaculo ophinde abengumculi weculo elithi Akulaleki ungeniswe esibhedlea ngoLwesithathu ngenxa yokukhathala.

UDr Malinga uthole usizo lodokotela, wafakwa i-drip.

OLUNYE UDABA: Ungeniswe esibhedlela umculi

Ekhuluma neDaily Sun uthe: "Bengisebenza kanzima, ngiwufaka wonke umfutho uma ngisesiteji kodwa ngingaphumuli."

Lo mculi uthe wayesendaweni yokucwala izinwele eyogunda ngesikhathi eqala ukungazizwa kahle.

"Ngavele ngaphathwa yikhanda elibuhlungu, yingaleso sikhathi-ke engaphuthunyiswa ngaso esibhedlela.

"Ngingomunye wabaculi ohlezi eqashwa. Kuyaziwa ukuthi abantu bayawujabulela umculo wami.

"Ngiyazi kunjani ukukhula uhlupheka yingakho ke ngisebenza ngokuzikhandla, ngisebenzela umndeni wami. Kodwa benginganakile ukuthi sengiyazihlukumeza."

UDr Malinga ube esecebisa abanye abaculi ngokuthi bazinakekele, baphumule ngokwenele.

Odokotela batshele lesi sihlabani ukuba sithi ukuphumula kancane.

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.