Ofelwe yimfuyo eshokhwe wugesi, ufuna u-Eskom umnxephezele

2017-02-15 08:08

Johannesburg - Umlimi waseKeiskammahoek ukhala ezimathonsi ngokulahlekelwa yizinkomo zakhe eziyisithupha kubalwa nenkunzi ebiza imali eshisiwe, ngoMsombuluko.

Lezi zinkomo zishokhwe wugesi.

Isimo sezulu besisibi kakhulu kule ndawo, kunomoya omkhulu oholele ekutheni kuwe izintambo zikagesi okuyizo ezibulale izinkomo zakhe.

Umnikazi wepulazi iPeter, u-Erol Tonono, uthe izinkomo zakhe zingalinganiselwa emalini engu-R70 000 kanti inkabi yona iyodwa ibiza imali engu-R14 000.

OLUNYE UDABA:Kuzobulawa imfuyo eJapan

UTonono uthe angathanda ukuthi abakwa-Eskom bamnxephezele ngokulahlekelwa kwakhe.

"Anginandaba nenyama, ngibuhlungu kakhulu ngokufa kwezinkomo zami. Ngilinde udokotela wezilwane ukuba ahlole lezi zinkomo bese eyangazisa ukuba inyama yazo ikulungele yini ukudliwa noma cha. Ngizohambisa isicelo sokunxeshezelwa kwabakwa-Eskom."

UTonono uthe wake wabashayele ucingo abakwa-Eskom ukuthi bezolungisa izintambo zikagesi ezazilengela ensimini yakhe kodwa wangaluthola usizo.

"Izintambo zikagesi zazisebenza zibeka abantu nezilwane engozini. Ngacela abakwa-Eskom ukuba bafike bezolungisa izintambo zikagesi bathi udaba selusemabhukwini abo, kuzothunyelwa umuntu ezozilungisa maduze."

UTonono uphinde wathi kwafika umuntu ovela eBulembu wahlola izintambo wase ehamba.

"Abakwa-Eskom bathi izintambo sebezicishile ngakho azizasebenzi kodwa asikuthembi lokho."

 - DispatchLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.