Ofundisa ukushayela ubanjwe 'ebuhlabile' eya kwesokuhlolela ukushayela

2017-08-04 07:00

Cape Town – Owesilisa ofundisa abantu ukushayela uboshiwe ngemuva kokutholakala notshwala egazini obuphindaphindeke ka-12 okunalokho okuvumelekile emgwaqeni u-N2 eCape Town ngoLwesine ekuseni, kusho iziphathimandla zedolobha.

Ubonakale emotweni yokufundisa ukushayela phakathi kwemigwaqo uBhunga Avenue kanye noJan Smuts Drive ngabo-07:15, ngokusho kwelungu lekomiti leMeya elibhekele ezokuphepha kanye nokuhlaliswa komphakathi, uJP Smith.

OLUNYE UDABA: Bahleli lubhojozi yizilwane zomfowabo

“Umshayeli unqabile ukuthi ame kanti iphoyisa libe selimphoqa ukuthi ame. Ngesikhathi kuhlolwa utshwala, umshayeli uqale wahluleka ukufutha kwi-breathalyser, futhi ngesikhathi ekwenza ekugcineni, umbhalo ubuwu-1.34 mg per 100ml nokungaphezululu ngezikhawu ezingu-12 esikalweni esivumelekile.”

Lo wesilisa ubesendleleni elibangise esikhungweni sokuhlolela ukushayela eGallows Hill, nokuyilapho bekuzohlolwa khona ikilayenti lakhe. Okunalokho, ugcine eseboshwa wayiswa esiteshini samaphoyisa e-Athlone.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.