Ogombela kwesakhe bafuna ukudla ngenkani kuKhongolose

2016-07-19 17:30

Durban -  Ngabe kusasewuthando lokusebenzela umphakathi lolu olwenza abantu ababulalane kangaka kwezombusazwe.

Okubuhlungu kulokhu wukuthi impi iseqenjini elilodwa okusho khona ukuthi umbango usekhaya.

Kusho khona ukuthi le ndaba yobuholi nokuba yikhansela akuseyona into oyithola ngoba ukhethwe wumphakathi wangakini, futhi akusekona ukuthi ukhethwa ngoba nakhu abantu bekuthemba ukuthi uzokwenza umehluko ononakalayo emphakathini.

Umona, imali, kanye nokufuna isikhundla ngenkani yikona okuphendula uKhongolose inhlekisa kumanye amaqembu epolitiki njengoba baqedana bodwa.

Ukhetho luzofika sebephelile abantu kuKhongolose esifundazweni sakwaZulu-Natal.

Nansi imibono yabafundi bethu:

Bongani Mageba Umbuzo wami ngabe labantu ababulalanayo babulalanela ukusiza umphakathi ngempela? Uma kunjalo sikuphi isidingo sokubulalana ngoba ngabe kuyasizwana ukuthuthukisa umphakathi, impendulo inye vo sidlala izimpisi ezicashe ngokusiza umphakathi kanti inhloso ukuhlohla izisu zazo, ngoba kubulawana kangakanje inhloso ukuba semandleni khona uzoba semathubeni okuthola amathenda qha. ukuphike umuntu ohluphekile lapho? bakhohliwe nguye ingani balitholile ivoti lakhe ekade belifuna.

Bonnie Khuzwayo Lento ingaphela umangase nje anc ilalele abantu bayo okuyibo abasemphakathini nokuyibo abavoti ngaphandle kwalokho nje kubukeka sengathi isazoqhothana impela ayi kodwa kugcwele nosomathuba bo kulombutho seningaze nibulalane kanje PHO laze lasiyala ibhodwe elicontshayo lol

Nico Magwaza Ngicabanga ukuthi isikhathi sifikile sokuba uKhongolose abuyise abaqabana amadala abantu ababegijima ngama-80's,phela laba bantu babeyisebenzela inhlangano kusuka enhliziyweni bengaholi lutho. Namanje siyaxoxa thina esavula lendlela kudala ukuthi ikomidi likazwelonke elisebenzayo lombutho ayiyifafaze lento emagatsheni yokubuyisa kwamaqabane akuqala. Sikhona sizimisele ngokuvusa inhlangano kodwa manje basuke majaha ukuphosa intsha kwi- "Deep level" ingakafundiswanga ngokubaluleka kokubeka umbutho phambili hayi imali,amathenda nezikhundla.

Senzo Khumalo Ibuhlungu lento eyenzeka kulelizwe,lokhu kubulalana kwabantu kanje kungikhumbuza amazwi ekhehla elidala langakithi elathi uma kade nilwa nabezizwe nabanqoba,uma impi ingasekho ningasalwi namuntu kuyavama ukuthi nigcine senilwa nodwa ngoba nizitshela ukuthi seniwunqobile umhlaba.La isitha sikakhongolose manje iwona uqobo awukhuculule lezinkabi ezigcwele kuwo izwe lizolunga libuyele kubantu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.