Ogula ngenqondo ufuna ukuhlawulisa amaphoyisa

2016-07-23 13:31

Houston - Isisulu esinomlando wokugula ngenqondo esadlwengulwa sifuna ukuhlawulisa amaphoyisa aseTaxes ngokuboshwa ngokungemthetho.

Lo mama usehlawulisa umbuso ngokumbopha ngesikhathi umbuso wenza iphutha umbhala njengomsolwa esikhundleni sokumbhala njengesisulu.

Ummeli wakhe uSean Buckley uthe lomama unesifo se-bipolar futhi wahlukumezeka kabi ngokwengqondo ngesikhathi enikezela ngobufakazi ecaleni lokudlwengulwa khwakhe ngoDisemba.

OLUNYE UDABA:Ogula ngekhanda ‘ubulale abazala, wadlwengula u-anti wakhe’

Ummeli wakhe uqhubeke wathi ikilayenti lakhe laze lacishe lashayiswa izimoto selididekile liphuma enkantolo nokuyinto eyaholela ekutheni lilaliswe ibhedlela sabagula ngenqondo.

Ummeli wesizwe yena uthi lomama, owayengundingasithebeni ngesikhathi edlwengulwa ngo-2013, ubebhekene nesimo esibucayi sokulahlekelwa ingqondo futhi wabatshela abashushisi ukuthi ngeke asakwazi ukunikezela ngobufakazi, kubika iHouston Chronicle.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.