Ohlabane nePowerball uthi uzimisele ngokunikela ngo-$50m

2018-03-08 19:24

New Hampshire - Owesifazane waseNew Hampshire owabamba iPowerball yemali elinganiselwa ku-$560m uhlela ukunikela ngo-$50m kwabahlwempu njengoba iqhubeka impi yokuthi lingadalulwa igama lakhe, kusho ummeli wakhe ngoLwesithathu.

INew Hampshire Lottery Commission yanikeza abameli balo wesifazane u-$264m - okuyimali eyasala ngemuva kokuthathwa kwentela. Abameli bathi lo wesifazane uzonikela ngo-$150 000 kwiGirls Inc kuthi u-$33 000 anikele ngawo kwi-End 68 Hours of Hunger.

Le mali ingeyokuqala azoyikhipha njengoba abameli bakhe bethi uzimisele ngokunikela ngemali ephakathi kuka-$25m kuya ku-$50m izikhawu ezehlukene kuze kube ungena egodini.

"Ikilayenti lami kalifuni zincomo, lifuna ukwenza into elungile nje kuphela," kusho uWilliam Shaheen, ongomunye wabameli balo wesifazane nokunguyena owengamele isikhwama iGood Karma Family Trust.

OLUNYE UDABA: Ubulawe wumdlavuza obesanda kubamba i-jackpot ka-R12m

"Uyazi ukuthi ziningi izinhlangano anganikela kuzo ezenza umsebenzi omuhle wokunikela emphakathini futhi eziswele imali, kepha okwamanje ubone kukuhle aqale ngalezi zombili ngenxa yokuthi uyazi ukuthi izingane ziyikusasa lesizwe," esho.

"Uma sikhulisa abantwana abaqotho, nakanjani sizoba nesizwe esiqotho."

Lo wesifazane wasayina ithikithi lakhe kulandela ukubamba i-jackpot ngomhlaka-6 Januwari.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.