OkaMadonsela uvumile ukukhokhela imoto yombuso eyalinyazwa yindodana

2017-02-11 10:00

Johannesburg -  OwayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela uqinisekisile ukuthi uzoyikhokha imali engango-R470 000 ayeyisebenzisa ngesikhathi esasebenza kuleli hhovisi.

Lokhu kulandela imibiko mayelana nemoto yohlobo lwe-BMW X6 eyalimala isasetshenziswa wuyena kanti ukuyilungisa kwabiza imali elinganiselwa ku-R420 455.

UReginald Ndou oyi-CEO kwihhovisi loMvikeli woMphakathi uthe: “Izimbili izimali ezibaliwo okumele zikhokhelwe ngale moto, okokuqala imali engango-R420 455 zokukhokhela izindleko zokulungisa imoto kanye nemali engango-R37 081 ngokuqhubeka nokusebenzisa imoto yombuso yize engasasebenzi kuleli hhovisi.”

OLUNYE UDABA:Kuthiwa kukhona abafuna ukusoconga uThuli Madonsela

Kubikwa ukuthi ngo-2012 indodana kaMadonsela yayishayela le moto yombuso eyanikezwa unina yashayisa ngayo umuzi osePitoli, kubika i-eNCA.

UMadonsela ubuye wabhalela uBusisiwe Mkhwebane incwadi emtshela ukuthi : “Thina esikholelwa emhlabeni olungile kumele siqale ngokwenza lokhu esikholwa wukuthi kulungile.”

OkaMadonsela ubhale lencwadi ngemuva kokuthi ihhovisi loMvikeli woMphakathi liveze ukuthi lo owayenguMvikeli woMphakathi uzobanjelwa ingxenye yemali yakhe ukuze kukhokhelwe lesi sikweletu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.