Okhulumela uZuma uchitha imibiko ethi uzoxoshwa uRamaphosa

2017-10-20 16:01

Johannesburg - Okhulumela uMengameli Jacob Zuma uthi ayinasisekelo imibiko ethi uMengameli uzoxosha iphini lakhe uCyril Ramaphosa.

Lezi zinsolo ziholele ekutheni irandi liphelelwe ngamandla ngoLwesihlanu njengoba belingu-R13,68 uma liqhathaniswa nedola laseMelika ngo-12:45 emini.

"Amahlebezi nenhlebo, asiphawuli nakancane ngalezo zinto,” kusho okhulumela uZuma, uBongani Ngqulunga etshela iReuters.

Ephendula imibuzo ePhalamende ngoLwesine mayelana nokuthi angase axoshwe, uRamaphosa uthe uma kwenzeka exoshwa uzoqhubeka nokusebenzela umphakathi ngoba usebenza ngaphansi kwentando kaMengameli.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa liya emsebenzini

Amahlebezi okuxoshwa kukaRamaphosa aqubuke ngemuva kokuba uMengameli Zuma enze izinguquko kwiKhabhinethi kungazelele muntu, waphinde wazidalela amazinyo abushelelezi kwi-SACP ngokukhipha uBlade Nzimande kwesokuba nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa.

URamaphosa ungomunye walabo ababukeka besethubeni lokuhola i-ANC ngemuva kwengqungquthela ye-ANC ngoDisemba.

Ekhuluma ePhalamende ngoLwesine ngesikhathi ephendula imibuzo uRamaphosa, uthe angeke asiphikise isinqumo sikamengameli uma enquma ukumxosha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.