OKlebe babambe ungqondongqondo okhwabanisa imali kwezemfundo

2016-08-01 20:30

Johannesburg -  Uphiko loKlebe esifundazweni saseGauteng  abasebenza ngaphansi kweyunithi yochwepheshe bobugebengu bamabhizinisi babambe ungqondongqondo wezokukhwabanisa, kubika iTimeslive.

Lo ngqondongqondo kuthiwa uyena owenza umkhonyovu wokuqola umnyango wezimfundo kulesi sifundazwe imali engango-R5 miliyoni ngabasebenzi mbumbulu okuthiwa baqashwe ilo mnyango.

OLUNYE UDABA:OKlebe bacacisa ngabakwenzayo ecaleni likaMeyiwa

UNdivhuwo Molamu okhulumela oKlebe uthe kubanjwe uKenneth Mathiang,34, osebenzela iyunithi kandabazabantu kulo mnyango futhi uyathinteka kwamanye amacala okukhwabanisa izimali nge-intanethi  lapho lo mnyango walahlekelwa imali engango-R1.8 miliyoni phakathi kuka-2014 no-2015.

“UMothiang uboshelwe endaweni abecashe kuyo e-Centurion ngoLwesine odlule, uvele kancane phambi kwenkatolo i-Specialised Commercial Crime Court ngoLwesihlanu,”kusho uMolamu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.