OKlebe bathungatha amadoda abechoma ngemali okusolakala ukuthi yebiwe

2016-12-01 12:32

Johannesburg - Amaphoyisa akuqinisekisile ukuphenywa kwe-video esisabalele izinkundla zokuxhumana lapho amadoda eveza isikhwama esigcwele imali.

Kulesi sikhwama kunezishuqulu zezimali nezikhwanyana zenkampani yonogada bakwaFedility Security Services.

Omunye wala madoda ubonakala ngasekupheleni kwale video echoma ethi: “King Tony, nawo wonke umuntu, asidleni ubumnandi, sinemali asizitikeni.”

OLUNYE UDABA:Abasolwa ngokuba oshayasibhamu beRenamo bahlasele isitimela

Okhulumela oKlebe uHangwani Mulaudzi ukuqinisekisile ukuphenywa kwale video.

“Siyithole izolo le video okwamanje sisalubheka lolu daba yize kungekho okuningi esingakwenza ngalolu daba,” esho.

UMulaudzi uthe inkinga enkulu abazibuza yona wukuthi ziqhamukaphi izikhwama zakwaFedility, kubika iSowetan.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.