OKlebe benza uphenyo ngoZuma kanye noMahumapelo - Umbiko

2018-04-22 10:09

Johannesburg – Lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma kanye noNdunankulu waseNorth-West uSupra Mahumapelo kubikwa ukuthi bayaphenywa ngoKlebe ngamacala enkohlakalo nokukhwabanisa.

I-Sunday Times ibika ukuthi umhlambi wezinkomo ezingabiza u-R1.5 million okwakumele zinikezwe abalimi abasafufusa eNorth West waphiwa uZuma nguMahumapelo.

Iphephandaba libika ukuthi imfuyo yamukelwa nguZuma ngesikhathi ifika eNkandla ngo-2016.

Kubikwa ukuthi ngo-2014 uMnyango wezoLimo eNorth West wanikeza ithenda ka-R650 million inkampani okuthiwa yi-Agri Delight Training and Consulting ngenhloso yokuba yenze izinhlelo zokuthuthukisa ezomlimo nezemvelo iminyaka emithathu.

OLUNYE UDABA: Ukushaqeka owesifazane ezithela phezu kwenyoka

Kuthiwa udaba lokuthi imfuyo yayiswa eNkandla luqinisekiswe nguLucas Mzisa, okunguyena owazihambisa.

UMzisa utshele iphephdaba ukuthi wahambisa izinkomo ezingu-25, wakhokhelwa u-R500 000 ngazo izinkomo kanye nangokuzihambisa kwakhe.

Nakuba kunjalo, i-Agri Delight yabhala i-invoice ethi kumele uMnyango ukhokhe u-R1.5 million nokuthi le nkampani yahambisa izinkomo ezingu-50.

Akucaci ukuthi imali engu-R1 million yenziwani nokuthi zashonaphi ezinye izinkomo ezingu-25.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.