Okuthenjiswe yi-EFF uma ivotelwa ngokhetho lohulumeni basekhaya

2016-05-01 12:01

Johannesburg - Umholi we-Economic Freedom Fighter (EFF), uJulius Malema ngoMgqibelo udalule izinto eziyokwenziwa yiqembu lakhe uma livotelwe ngokhetho lohulumeni basekhaya ngomhlaka-3 Agasti.

"Sila ukuzosayinda ikontileka nabantu bethu. Uma singenzi njengokunqunyiweyo nisixoshe. Sicela iminyaka emihlanu nje kuphela," kusho uMalema etshela izinkulungwane zabantu e-Orlando Stadium eSoweto.

OLUNYE UDABA: Abasoze bazisola abavotela i-EFF - Malema

UMalema uthemnbise ukuthi: 

Beyi-EFF bazodla imihlaba ngale kwenkokhelo bayinike abantu bgokulingana ukuze bakwazi ukulima  kuyo, ukwakha izindlu nezimboni.

Kuzonikezelwa nge-Wi-Fi engenakhawulo ezindaweni zomphakathi. Ningayisebenziseli ukubuka amafilimu ocansi leyo Wi-fi kodwa niyisebenzisele izinto ezisile ezifana nokubheka imisebenzi.

Kuxwayiswe amakhansela e-EFF, uma egcwele inkohlakala azoxoshwa ngokukhulu ukushesha.

Uma uyikhansela laseSoweto wase uthuthela eMidrand, uzophelelwa wumsebenzi, sizoqoka ikhansela elisha.

Wonke amakhansela kufanele  izinombo zamaselula zaziwe ngamalungu omphakathi  futhi atholakale ngazo zonke izikhathi.

Imigwaqo izoqanjwa ngamagama amaqhawe ethu. Akukho okuyoqanjwa ngamagama abantu bohulumeni lobandlululo ngaphansi kukamasipala we-EFF.

Amahhovisi kamasipala we-EFF azovulwa izinsuku eziyisithupha ngesonto ukuze nalabo abasebenzayo phakathi nesonto basizakale ngezimpelasonto.

Angeke kuze kuqashwe umuntu ngoba nakhu engumholi we-EFF kodwa kuzoqashwa abantu ngokufunda kwabo.

Umasipala we-EFF angeke uze uwasebenzise ama-consultants.

Angeke size sakhe imigwaqo yokuhamba amabhayisekile ekubeni abantu behlala emijondolo.

Asiwufuni umasipala ozonika abantu izindlu ngokungemthetho kodwa ozosiza abahluphekile.

Sifuna umasipala ozokhipha imisebenzi futhi ozonakekela ogo nomkhulu nezingane ezingenabo abazali.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.