OLUKHETHEKILE: Umshushisi wodumo ubephenywa ngaphambi kokusula

2017-02-01 16:01

Johannesburg – Sekuvele ukuthi iNhloko yeNational Prosecuting Authority (NPA), uShaun Abrahams, yakhipha umyalelo wokuba kuphenywe umshushisi u-Advocate Gerrie Nel kanye nabanye abashushisi abaphezulu ngaphambi kwezinsuku ezintathu uNel asula emsebenzini.

U-Abrahams wacela umshushisi ophezulu KwaZulu Natali ukuba amnikeze umbiko wakamuva mayelana nesikhalo esafakwa ngoNel kanye nabanye abashushisi abathathu abaphezulu ngokuthela ngehlazo ezokuphathwa kwezobulungiswa.

OLUNYE UDABA: Wesule isigubhukane umshushisi wodumo

INews24 ibike ukuthi uNel ubeyingxenye yesikhalo sikasomabhizinisi waseLaudium, ePitoli, esingaye kanye nabanye abashushisi.

UNel uthuse abaningi ngokusula ngoMsombuluko njengoba esejoyine inhlangano i-AfriForum nalapho ezoba yiNhloko yophiko lwezokushushisa oluzimele lwale nhlangano.

Isikhalo esibhekene noNel sabhaliswa ngomhlaka-20 kuDisemba ngonyaka owedlule, kanti simayelana nezinsolo zokuphazamisa ubufakazi.

Kukhulu ukuqagula emkhakheni wezomthetho ngokuthi uNel ubengaphansi kwengcindezi ku-NPA ngaphambi kokuthi ashiye, sekusele iminyaka emihlanu athathe umhlalaphansi, ngemuva kokuchitha iminyaka engu-36 kulo mkhakha. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.